UJoshuwa ISAHLUKO 1 1 Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi: 2 UMose inceku yami ufile; manje suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli. 3 Yonke indawo ayakunyathela kuyo amathe onyawo lwenu, ngininikile yona, njengalokho ngasho kuMose. 4 Kusukela ehlane nakuleli Lebanoni kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe, lonke izwe lamaHeti, kuze kube seLwandle Olukhulu ngasentshonalanga, kuyakuba ngumkhawulo wenu. 5 Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya. 6 Qina, ume isibindi, ngokuba uyakubahlukanisela laba bantu izwe engalifungela oyise ukubanika lona. 7 Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami; ungaphambuki kuwo uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze uphumelele nomaphi lapho uya khona. 8 Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle. 9 Angikuyalile na? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona. 10 UJoshuwa wayala izinduna zabantu, wathi: 11 Dabulani phakathi kwekamu, niyala abantu, nithi: ‘Zilungiseleni umphako; ngoba phakathi kwezinsuku ezintathu lizachapha leli Jordani, ukuze lingene ukulidla ilizwe iNkosi uNkulunkulu wenu elinika lona ukulidla. 12 UJoshuwa wakhuluma kwabakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wathi: 13 Khumbulani izwi uMose inceku kaJehova aniyala ngalo, ethi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile ukuphumula, uninikile leli zwe. 14 omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu, kuyakusala ezweni uMose aninika lona nganeno kweJordani; kepha nina niyakudlula phambi kwabafowenu nihlomile, onke amaqhawe anamandla, nibasize; 15 uJehova aze anike abafowenu ukuphumula njengalokho aninika khona, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, nibuyele ezweni lefa lenu, nilidle, aninika lona uMose inceku kaJehova phesheya kweJordani ngasempumalanga. 16 Bamphendula uJoshuwa, bathi: "Konke osiyala ngakho siyakukwenza, nalapho usithuma khona siyakuya." 17 Njengalokho samlalela uMose kukho konke, kanjalo siyakukulalela nawe; kuphela uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe, njengalokho wayenoMose. 18 Yilowo nalowo ohlubuka emyalezweni wakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; kuphela qina, ume isibindi.
ISAHLUKO 2 1 UJoshuwa indodana kaNuni wathuma eShithimi amadoda amabili ukuba abe yizinhloli ngasese, ethi: “Hambani nihlole izwe neJeriko. Bahamba, bangena endlini yesifebe, igama layo linguRahabi, balala khona. 2 Kwatshelwa inkosi yaseJeriko ukuthi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe. 3 Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: "Khipha amadoda afikile kuwe, angenile endlini yakho, ngokuba aze ukuhlola izwe lonke." 4 Owesifazane wawathatha amadoda amabili, wawafihla, wathi: “Kwafika amadoda kimi, kepha bengingazi ukuthi avelaphi; 5 Kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango, sekuhlwile, amadoda aphuma; lapho aya khona amadoda angazi; wasukeleni masinyane; ngoba lizawafica. 6 Kepha wayebakhuphulile ophahleni lwendlu, wabathukusa ngezinhlanga zefilakisi, abezihlelele ophahleni. 7 Amadoda abaxosha ngendlela eya eJordani emazibukweni; 8 Kwathi zingakalala, yenyukela kubo ophahleni; 9 Wathi emadodeni: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi ingebhe yenu isehlele, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla ngenxa yenu. 10 Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe; nalokho enakwenza emakhosini amabili amaAmori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothula. 11 Kwathi sesikuzwile lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akubangakho sibindi kumuntu ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. 12 Ngakho-ke ake nifunge kimi ngoJehova, lokhu nginenzele umusa, niyenzele indlu kababa umusa, ninginike uphawu oluqinisileyo; 13 futhi niyosindisa ubaba, nomama, nabafowethu, nodadewethu, nakho konke abanakho, nikhulule ukuphila kwethu ekufeni. 14 Amadoda amphendula athi: Ukuphila kwethu esikhundleni senu, uba lingatsho loludaba lwethu. Kuyakuthi lapho uJehova esinika izwe, sikwenzele umusa neqiniso. 15 Wayesewehlisa ngefasitela ngentambo, ngokuba indlu yakhe yayisegangeni lomuzi, ehlezi phezu kogange. 16 Wathi kubo: “Yiyani entabeni, funa abanisukelayo bahlangane nani; nicashe khona izinsuku ezintathu, baze babuye abanixoshayo, andukuba nihambe indlela yenu. 17 Amadoda athi kuye: "Asiyikuba nacala kulesi sifungo sakho osifungise sona." 18 Bheka, ekufikeni kwethu ezweni, wobophela lolu lucu olubomvu efasiteleni obesehlise ngalo, ulethe kuwe uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nayo yonke indlu kayihlo. 19 “Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe phezu kwekhanda lakhe, thina singabi nacala; 20 Uma uveza le nto yethu, thina siyakukhululeka esifungweni sakho osifungise sona.