Ukondla Kwabangu-5000 Mathewu 14:13-21 13 UJesu esezwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa; kwathi izixuku sezizwile lokho, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini. 14 UJesu waphuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihawu ngaso, waphulukisa abagulayo babo. 15 Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; mukisa isixuku, ukuze siye emizaneni, sizithengele ukudla.” 16 Kodwa uJesu wathi kubo: “ Akudingeki ukuba bahambe; bapheni nina ukudla.” 17 Bathi kuye: “Asinazo lapha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela.” 18 Wathi, Ziletheni lapha kimi. 19 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka phezulu ezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi bakhe izinkwa, nabafundi bapha isixuku. 20 Badla bonke, basutha; babutha izingcezu ezisele, izitsha eziyishumi nambili zagcwala. 21 Labo ababedlile babengamadoda angaba yizinkulungwane ezinhlanu, ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
UMarku 6:30-44 30 Abaphostoli babuthana kuJesu, bamtshela konke ababekwenzile nababekufundisile. 31 Wathi kubo: “ Wozani nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule isikhashana.” Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, babengenaso isikhathi sokudla.” 32 Base bemuka ngomkhumbi baya endaweni eyihlane bebodwa. 33 Abantu sebebabona behamba, abaningi bamazi, bagijimela khona ngezinyawo bevela emizini yonke, babadlula, babuthana kuye. 34 UJesu esephuma wabona isixuku esikhulu, waba nesihawu ngaso, ngokuba babenjengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa izinto eziningi.
1
35 Kwathi ilanga selidlulile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; 36 Bamukise, ukuze baye emaphandleni nasezindaweni ezizungezile, bazithengele isinkwa, ngokuba abanalutho lokudla. 37 Waphendula wathi kubo: “ Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe siyothenga izinkwa zamadenariyu angamakhulu amabili, sibaphe badle na?” 38 Wathi kubo: “ Ninezinkwa ezingaki na? Hambani niyobona.” Sebekwazi bathi: “Zinhlanu, nezinhlanzi ezimbili.” 39 Wabalaya ukuba bonke bahlale phansi ngezigaba etshanini obuluhlaza. 40 Bahlala phansi ngamaqembu, ngamakhulu, nangamashumi amahlanu. 41 Wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka phezulu ezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi bakhe ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wazihlukanisela bonke. 42 Badla bonke, basutha. 43 Basebethatha izitsha eziyishumi nambili ezigcwele izingcezu, kanye nezinhlanzi. 44 Labo abadla izinkwa babe ngamadoda angaba yizinkulungwane ezinhlanu.
ULuka 9:10-17 10 Abaphostoli sebebuyile bamtshela konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo bodwa waya endaweni eyihlane emzini othiwa iBetsayida. 11 Isixuku, sesikwazi lokho, samlandela; wabamukela, wakhuluma kubo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphulukiswa. 12 Kwathi ilanga seliqala ukushona, kwafika abayishumi nambili, bathi kuye: “Yekela isixuku sihambe, ukuze siye emizini nasemakhaya azungezile, silale, sithole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” 13 Kodwa wathi kubo: “ Bapheni nina ukudla.” Bathi: “Asinazo ezinye izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle kokuba siyothengela bonke laba bantu ukudla.” 14 Ngoba kwakungamadoda angaba yizinkulungwane ezinhlanu. Wasesithi kubafundi bakhe: “ Bahlaliseni phansi ngamaqembu angamatshumi amahlanu.” 15 Benze njalo, babahlalisa phansi bonke. 16 Wasethatha izinkwa ezinhlanu lezinhlanzi ezimbili, wakhangela phezulu ezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuthi bazibeke phambi kwexuku. 17 Badla, basutha bonke; kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo izitsha eziyishumi nambili.
Johane 6:1-14 1 Ngemva kwalezi zinto uJesu wahamba waya ngaphesheya koLwandle lwaseGalile, oluyiLwandle lwaseTiberiya. 2 Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba babebone izimangaliso zakhe azenzayo kwabagulayo. 3 UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi nabafundi bakhe. 4 IPhasika, umkhosi wamaJuda, lase liseduze. 5 UJesu esephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “ Sizakuthengaphi izinkwa, ukuze laba badle?” 6 Wakusho lokhu ukuze amvivinye, ngokuba yena wayazi ukuthi uzokwenzani. 7 UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zamadenariyo angamakhulu amabili azibanelanga, ukuthi yilowo nalowo athathe ingcosana.” 8 Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya, umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye:
2
9 Kukhona umfana lapha, onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane; kodwa ziyini kwabangaka na? 10 UJesu wathi: “ Hlalisani abantu phansi.” Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ngakho amadoda ahlala phansi, inani lawo lalingaba yizinkulungwane ezinhlanu. 11 UJesu wathatha izinkwa, esebongile, wazinika abafundi, nabafundi kulabo ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngobuningi ababethanda. 12 Kwathi sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani izingcezu eziseleyo, ukuze kungalahleki lutho. 13 Ngakho bazibutha, bagcwalisa izitsha eziyishumi nambili ngezingcezu zezinkwa ezinhlanu zebhali, ezasala kulabo ababedlile. 14 Kwathi labo bantu sebebone isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: “Ngempela lo ungumprofethi obezakuza ezweni.”
3